ABABHUKUDI BASEMPUMALANGA BASHAYA UMXHWELE KUMQHUDELWANO KAZWELONKE.
EZOMPHAKATHI


Usihlalo wezomdlalo , uThandi Shongwe ubongise ababhukudi baseMpumalanga ngokuhlaba umqhwele emqhudelwaneni we-National School Swimming Championship obubanjelwe e-Thekwini kusuka ngoLwesihlanu kuya kwiSonto.
Iqembu leMpumalanga belimelwe ababhukudi abayi-60 abaphakemisile ifulegi lesifundazwe phezulu.
“Siyaziqhenya kakhulu futhi siyazithoba njengesifundazwe mesibheka indlela enhle abaqhube ngayo ababhukudi bethu. Ababuyanga namaGolide kuphela kepha benze kwezwakala nobukhona babo kulemiqhudelwano” kusho uShongwe.
Izifundazwe zonkana ziyi-9 zithunele ongqo bamaqembu ahamba phambili, babili kuphela kodwa abadlali ngokuhlukana kwemiqhudelwano abakhethiwe ukuyobhukudela amaFinal.
Iqembu leMpumalanga, belinababhukudi aba-50 kanye nabayi-10 abakhubazekile, abaqhudelana ngokuzimisela nalabanye bakwamanyr amazwe.
I-Western Cape, eGoli kanye nabaphathi bohlelo iKwaZulu-Natal, bebanabaqhudelani abaningi abawu 105 kwiGala.
Njengoba nabezokusubatha basebenze ngokuzimisela kumqhudelwano owawubanjwe kwiNkundla eGermiston, ababhukudi baphinde baliveza ikhono labo.
Iqembu lezokusubatha, libambe iskhudla sesi-5 kanye nese-4 kanye nabafundi abadinga ukunakwa ngokukhethekile
“Njengesifundazwe, imiphumela yabafundi iyasigcugcuzela, futhi sizolokhu siphokophela ukuba babengcono. Njengomnyango ,sizoqhubeka siziseke lezinkanyezi zethu zaksasa”kusho uShongwe.