ABAZALI BABONGA UMPHAKATHI NGOKUSUKUMA ULWISANE NOBUGEBENGU EZIKOLENI

EZOMPHAKATHI

3/14/20231 min read

Namhlanje kubanjwe abafundi abathathu abafunda eMadlelo Secondary School eMkhondo, Abezindaba bakhulumisane noThishanhloko wase-Madlelo umnumzane C Nkosi uthe bona njengesikole babhekene nenkinga enkulu njengoba kwake kwenzeka naphambilini kubikwa ngabo labafundi ukuthi baphuma esikoleni bayolwa nabanye abafundi bakwezinye izikole kuhlonyiwe ngezikhali, uphinde waveza ukuthi labafundi baklebhula ufenisi okubiyelwe ngalo isikole nokuyilapho begilakhona lomkhuba ucele ukuthi amaphoyisa alungenele loludaba ngoba labafundi kuyacaca ukuthi yibona kanye ababamba inkunzi emphakathini kabagcini esikoleni nje kuphela kulabafundi kutholakale insangu, ummese kanye nomuthi abawusebenzisayo ukuze ubavikele.

Kuthe uma kuqala iviki kubekhona ukuvinjwa kwabantwana abafunda esikoleni samabanga aphansi eNqobile Primary School eMkhondo nalapho abafundi befike emakhaya bethukile ngokubehlele ngenkathi bevinjwa yilabafundi abafunda eMandlelo Secondary School, Amalunga e-eSGB eNqobile athe uma ezwa lodaba awapholisanga maseko abe esexhumana namanye wamalunga e-eSGB eMadlelo kubikwa ngabafundi abahlasela abafundi baseNqobile ngommese kufunwe ngodlame imali kanye nezikhwama zezincwadi, uma bechaza abafundi abavinjiwe bathi bafunwe imali kanye nezikhwama zokuphatha izincwadi kabangcinanga lapho njengoba baphinde bacela ukuzwiswa kulabafundi bamantombazane ase-Nqobile Primary School.

Umphakathi wase ward 12 ubuthukuthele ugane unwabu njengoba ubufuna ukubadla behlaza labafundi abahlukumeza izingane ezincane ezifunda esikoleni samabanga aphansi eNqobile kodwa kunalokho kubekhona abathe abagqutshwe bayiswe esikoleni lapho befunda khona kwathi abanye balafundi basinde ngokulambisa ngenkathi bejahwa yilomphakathi waku-ward 12, uThishanhloko wase-Nqobile Primary School umama uMaphalala uthe uyabonga kakhulu kumalunga eSGB, kumphakathi wase ward 12 kanye nakuThishanhkoko wase-Madlelo secondary school ehambisana nethimba lakhe ukusukumela phezulu uma kubikwa isigameko esifana nalesi naye uthe kuzofanele kunqunywe lezihlahla ezinkulu eziseduze kwesikole nezenza kugcine sekuyisidleke lapho kubanjelwa khona inkunzi.Ucela ukuthi amaphoyisa angenelele ukuze izingane zizophepha kanti labafundi bathathwe ngamaphoyisa ayobaphonsa imibuzo.