AHOXISWE OKWESIKHASHANA AMACALA ABEKWE OMUNYE WABASOLWA NGOKUBULALA U-BONTLE MASHIYANE
EZOMPHAKATHI


Amacala abekwe uSamuel Mangebeletane, omgomunye wabasolwa abasolwa ngokubulala intombazane eseyincane uBontle Mashiyane, khona laMpumalanga, ahoxisiwe okwesikhashana ngenxa yobufakazi obanele kanye necala elithweswe abasolwa abane.
Bahlanu abasolwa abekade bevele eNkantolo yeMantshi yaKaBokweni akufaka phakathi uCollen Hlongwane, Thapelo Ngomane, Samuel Mangebeletane, Philasande Tsela no Ntombikayise Ngwenyama, laba babhekane namacala okwakha itulo lokubulala, ukuthumba kanye nokwehlula abaphathi bezobulungiswa.
Lokhu kumayelana ngesigameko esenzeka ngo Ephreli wangonyaka 2022 lapho kwabikwa khona ukuthi intombazane eneminyaka eyisithupha ubudala, uBontle Mashiyane wabikwa ukuthi ulahlekile nesdumbu sakhe satholwa endaweni engamakhilomitha ambalwa ukusuka ekibo.
Kanti umsolwa wesine kuleli cala okunguMangebeletane, uhoxiselwe amacala okwesikhashana kwathi abanye abasolwa abane bagcinwa esitokisini.
Icala lihlehliselwe umhla zingu 6kuMfumfu 2023.