AKAZIBONI EFANELWE UKUNCONYWA NGOKUFAKA I-ORLANDO PIRATES KOWAMANQAMU KULE SIZINI UMQEQESHI WALELI QEMBU.
EZEMIDLALO


Akaziboni efanelwe ukunconywa ngokufaka i-orlando pirates kowamanqamu okwesibili kule sizini umqeqeshi waleli qembu, ujose riveiro, njengoba ekholwa wukuthi lokhu kufanele kube yinhlalayenzeka.
AmaBhakabhaka aphakamisa indebe yeMTN 8 ngasekuqaleni kwale sizini kanti ngoMgqibelo angene kowamanqamu okwesibili eguqisa izimbangi zawo zaseSoweto, iKaizer Chiefs, ngo-2-1 kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eFNB Stadium, eGoli.
Linqobe kowomkhaya baseSoweto obaluleke kakhulu kule sizini, uRiveiro uthe usawakhalela amaphuzu abalahlekela kwemibili yeligi bebhekene neChiefs.
“Ngingathanda ukuba nalawo maphuzu ayisithupha ephaketheni lethu. Bekunzima ukuhlulwa kuleyo midlalo. Sizobona ekupheleni kwesizini ukuthi siyawadinga ngempela lawo maphuzu noma cha,” usho kanje.
‘Ukuba sawathola lawo maphuzu ngaleso sikhathi ngabe isimo sihlukile. Sesiyaqagula njengamanje kodwa okubalulekile wukuthi iqembu liyathuthuka.
“Noma kunjalo ngeke sikwazi ukudlala ngegiya eliphezulu kuyona yonke imidlalo iqala ize iyophela. Lo mdlalo ube yisibonelo esihle. Sidlale kahle kwezinye izikhathi kodwa iChiefs ibingcono kwezinye. Okumqoka wukuthi siqhubekile saqophisana nayo.”
EZimnyama sezibheke ukubambelela endaweni yesibili kwiDStv Premiership lapho zishiya khona iSuperSport United ngamaphuzu amabili neChiefs ngamaphuzu ayisithupha.