AMAHORA OKUSEBENZA KWANDABA ZABANTU ANWETSHIWE OKWESIKHASHANA.
EZOMPHAKATHI


Kusukela ngomhlaka 27 kuya kumhlaka 30 Juni 2023 , amahora okusebenza kwandaba zabantu anwetshwe ngamahora amabili , sekuzovalwa ngo 17:30.
Ngokuka Mam Busi Mnguni , oyiNduna kwandaba zabantu endaweni yase-Ermelo , lolushintsho lwesikhashana , luyayidambisa ingcindezi yokuba kusetshenzwe kanzima , kanye nokulawula umugqa oba mude ngokweqile usuku nosuku. Ukuvezile ukuba nabasebenzi bazohlomula ngalokhu kunetshwa kwamahora.
Ingqikithi yokunwetshwa kwamahora , ukuthi izingane zesikole zikwazi ukwenza omazisi babo njengoba izikole zivaliwe.