AMAPHOYISA ABOPHE AMADODA AMABILI ABANJWE EBA AMABHETHRI OMAKHALEKHUKHWINI
EZOMPHAKATHI


Abasolwa ababili kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yaseNkomazi namhlanje ngamacala ahlanganisa ukucekela phansi ingqalasizinda ngemuva kokubanjwa bentshotsha amabhethri omakhalekhukhwini.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Donald Mdhluli uthe ukwebiwa kwamabhethri e-cellphone tower kube nomthelela omubi ekulethweni kwezidingo kubantu. Lokho phakathi nokucishwa kukagesi ezweni lonke.
"Amalungu aseTonga SAPS enze igxathu elikhulu ngokubopha abokudabuka eZimbabwe ababili abaneminyaka engu-31 no-34 ubudala, kanye namabhethri amane angomahamba nendlwana emotweni yawo eMangweni ngaseKomatipoort. Abasolwa baboshwe ngoLwesibili mhlaka-16 May 2023 ngehora lesithupha ntambama." kusho uMdhluli.
Ukuboshwa kwenzeke ngemuva kokuthi amaphoyisa aseThongathi ethole ulwazi mayelana nezenzo ezisolisayo kulo mbhoshongo wamaselula.
"Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo amalungu abone ukuthi kukhiyiwe, ngaleso sikhathi isakhamuzi esikhathazekile sivele sasondela emotweni sawakhombisa ukuthi abahlali bakhathazekile ngeveni emhlophe yohlobo IweNissan Hardbody ebisasemagcekeni ama-tower," kusho uMdhluli.
"Amaphoyisa ayalele umshayeli wayo ukuthi ame kodwa le moto eshiwo yabaleka ngaphambi kokuthi ime ehlathini eliseduze."
Ngemuva kwalokho, ababili abebehamba ngeNissan Hardbody kuthiwa bashiye imoto yabo bagijima ngezinyawo. Amaphoyisa abavala ekhoneni. Basesha iveni bathola amabhethri amane e-tower tower.