AMAPHOYISA ASE-PIET RETIEF ABOPHE ABASHUSHUMBISI BENSANGU ENESISINDO ESINGU-149.91KG
EZOMPHAKATHI


MKHONDO – Abasolwa abathathu abasolwa ngokushushumbisa insangu baboshwe ngokwahlukana ngoMashi 30 nenqwaba yensangu ezigamekweni ezimbili ezahlukene.
Esigamekweni sokuqala, ababili babo baboshwa phakathi kwe-Amsterdam kanye neNerston Border Post.
Amaphoyisa abenomkhankaso wokuthungatha imoto yohlobo lweToyota Avanza emhlophe ebinabagibeli ababili basesha.
Kule moto kutholwe insangu enesisindo esingu-149.91kg elinganiselwa ku-R600 222.
Kule moto kutholwe insangu enesisindo esingu-149.91kg, elinganiselwa ku-R600 222, kanti abasolwa baboshwa bathweswa icala lokudayisa insangu.
UNthuthuko Alfred Shelembe (38) noWonderboy Climate Ndlovu (39) bavele eNkantolo yeMantshi yasePiet Retief ngoMashi 31, icala labo lahlehliselwa u-Ephreli 13 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Enye insangu ethathwe amaphoyisa.
Esehlakalweni sesibili uBongani Dlamini (36) waseSwatini utholwe egibela izimoto ku-N17 nemithwalo.
Amaphoyisa ase-Oshoek asondele kuyena amphenya.
Kule moto kutholwe insangu enesisindo esingu-149.91kg elinganiselwa ku-R600 222.
“Ngesikhathi amaphoyisa ethungatha athole ukuthi uDlamini ubephethe insangu emthwalweni abewuphethe onesisindo esingu-4.6kg. Uboshiwe wathweswa icala lokudayisa insangu,” kusho uBrigadier Selvy Mohlala, okhulumela amaphoyisa esifundazweni.
Icala elibhekene noDlamini lihlehliselwe u-Ephreli 17 kanti ugqunywe esitokisini.