AMAPHOYISA ASEMPUMALANGA ABOPHE ABANTU ABABILI BASEMOZAMBIQUE NGEMUVA KOKUTHOLA IMOTO EBIYEBIWE
EZOMPHAKATHI


Amaphoyisa aseMpumalanga abophe indoda eneminyaka engu-35 ubudala ebishayela iLexus NX300 SUV okubikwa ukuthi yebiwe eSandton eGauteng, kanye nomunye umshayeli okusolwa ukuthi ubeyiphelezela.
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga, uColonel Donald Mdhluli uthe le moto kanokusho iSUV ibibheke kwamakhelwane iMozambique, iphelezelwa yiveni yakwaFord Ranger.
Ngokolwazi oluvela ophikweni lwezobunhloli kuzwelonke lwamaphoyisa ngokubambisana namaphoyisa eFlying squad eMiddelburg luholele ekubanjweni kwabantu ababili baseMozambique kanye nokutholwa kwemoto okusolakala ukuthi yebiwe," kusho uMdhluli.
“La madoda amabili abanjwe emgwaqeni u-N4 ngaseMiddelburg.
Kuthiwa enye yala madoda ibihamba ngemoto yohlobo lweLexus SUV empunga.
Khonamanjalo, kunezinsolo ezikhomba ukuthi owesibili ubeshayela iveni yohlobo lweFord Ranger emhlophe. ILexus kubikwe ukuthi yebiwa eSandton, esifundazweni saseGauteng, ecaleni lokwebiwa kwemoto elabikwa ngomhlaka-7 Meyi 2023.”
Uthe ngoLwesihlanu amalungu ophiko lwe-SAPS flying squad athole imininingwane mayelana nemoto okusolakala ukuthi yebiwe okungenzeka ukuthi ilibangise eMozambique.
Imoto yohlobo lweToyota Land Cruiser edunwe eDelmas itholwe ipakwe egcekeni lowesifazane eKurhuleni.
“I-Lexus ibanjwe eMiddleburg Toll Plaza lapho kuboshwe khona umsolwa wesilisa oneminyaka engu-35 ubudala obehamba ngesondo.
Amaphoyisa nawo alandela eminye imininingwane ngeveni iFord Ranger eyamiswa ngemuva kokuthi isuke ngesivinini yadlula ku-toll gate eMiddleburg ngesikhathi amalungu ezama ukuyimisa,” kusho uMdhluli.
“Kusolakala ukuthi umshayeli weveni, 39, angaba nolwazi olungabalulekile ophenyweni mayelana nokwebiwa kwemoto eyiLexus SUV eSandton. Njengamanje uboshiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo njengoba imoto abehamba ngayo bekungabikwanga ukuthi yebiwe.”
Khonamanjalo, ukhomishana wesifundazwe we-SAPS eMpumalanga, uLieutenant-General Semakaleng Daphney Manamela uncome ukusebenzisana okukhonjiswe amayunithi amabili omthetho we-SAPS.