AMAPHOYISA ASEMPUMALANGA ABOPHE UMMELI MBUMBULU OMELE UMMANGALELWA OBULELE ENKANTOLO.
EZOMPHAKATHI


Ummeli mbumbulu uboshwe enkantolo yaseMpumalanga
Ummeli mbumbulu ubemele umsolwa wokubulala enkantolo yaseBethal.
Amaphoyisa aseMpumalanga abophe owesilisa obezenza ummeli ngesikhathi kuvela umsolwa wokubulala eNkantolo yeMantshi yaseBethal ngoLwesihlanu.
Umsolwa, 31, ubemele uMhlabuyaxega Mntungwa, owake wafakwa ohlwini lwabafunwa uthuli ngecala lokubulala owayeyimenenja yeSam Holdings , uNkosinathi Emmanuel Ngcongo ngo-2019.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCaptain Sekgotodi Dineo, kulandela ukuboshwa komshayeli obebaleka, kukhishwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe uMntungwa.
Umkhohlisi oboshwe oKlebe
Umshayeli, uPhindokuhle Eugene Nkosi, 30, ugcine egwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele yiNkantolo eNkulu ehleli eDelmas.
UMntungwa waboshwa mhlaka-1 Febhuwari 2023 yithimba lesifundazwe laKwaZulu-Natal. Ubekwe icala wabe esevela eNkantolo yeMantshi yaseBethal, wagcinwa esitokisini.
Icala lihlehliselwe umhla zinga-24 kuNdasa wezi-2023. Ubemelwe ummeli wakhe mbumbulu owaboshwa uphiko loKlebe Secunda Serious Organised Crime kanye neSerious Commercial Crime Investigation ngokuzenza ummeli.
Bobabili uMntungwa nommeli wakhe mbumbulu kulindeleke bavele enkantolo efanayo ngoMsombuluko.
Umsolwa oneminyaka engu-31 ubudala ubhekene necala lokuzenza ummeli.
Ngesonto eledlule, amaphoyisa asesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International abophe owesifazane, 54, osekuphele iminyaka emihlanu ebalekela ukuboshwa ngamaphoyisa.