AMAPHOYISA ASEMPUMALANGA APHENYA ICALA LOKUBULA EMUVA KOKUSHONE ABASEBENZI BASEMAYINI ABANE

EZOMPHAKATHI

4/18/20231 min read

Amaphoyisa aseMpumalanga avule uphenyo ngemuva kokushona kwabantu abane emayini ngoLwesine, okusolwa ukuthi kwenzeke ngemuva kokubhidlika ibhande lokuthutha impahla.

Okhulumela amaphoyisa uBrig Selvy Mohlala uthe amaphoyisa nabatakuli baseBalfour basendaweni yesigameko, wengeza ngokuthi isigameko senzeke ngabo-11.45 ekuseni.

Kusolakala ukuthi kuwiswe ibhande lemayini lokuthutha, okuholele ekufeni kwalaba besilisa abane. Khonamanjalo, abanye ababili kuthiwa bathole ukulimala kiso lesi sigameko.

Babese baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa okungeziwe.

UMohlala uthe izimo ngesigameko azikacaci.

Amaphoyisa athe azikaqinisekiswa izimo ngesigameko esiholele ekufeni kwabantu abane emayini yaseMpumalanga.

Uphenyo luzokwenziwa futhi imininingwane eminingi izonikezwa uma sekuphothulwe uphenyo.

UKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga uLt General Semakaleng Daphney Manamela udlulise amazwi enduduzo emindenini waphinde wafisela abalimele ukululama okusheshayo.

UManamela ucele ukuthi kwehle umoya njengoba kuqhubeka uphenyo lwamaphoyisa