AMAPHOYISA ATHOLE ISIDUMBU SOWESILISA NGEMUVA KWEZINSUKU EZISISITHUPHA EMINZILE
EZOMPHAKATHI


Ngesikhathi amalungu omphakathi ephefumula kulandela izikhukhula zakamuva ezidlule nemiphefumulo eminingi, amaphoyisa kudingeke ukuthi abhekane nesinye isigameko sokuminza kwabantu eTonga.
Kuyadabukisa ukuminza kowesilisa oneminyaka engu 27 ubudala futhi amaphoyisa akholelwa ukuthi ukube abantu bebelandela ikhwelo lamaphoyisa lokugwema noma yiluphi uhlobo lobulungiswa bezixuku.
Kubikwa ukuthi umufi nomngani waso bebezama ukuhlenga impilo yabo esixukwini ebesithukuthele sigane unwabu eTonga ngesikhathi bebalekela emfuleni iNkomazi.
Omunye walaba ababili abashonile kuthiwa ukwazile ukubhukuda ngempumelelo ewela umfula ngesikhathi uzakwabo anyamalala emanzini anamandla omfula iNkomazi ngoLwesihlanu ngomhlaka 17 Mashi 2023.
Umzimba wakhe ubonwe uphiko lwamaphoyisa i-Airwing izolo ekuseni ngomhlaka 22 ku Mashi 2023, ngemuva kwezinsuku eziyisithupha edukile endaweni engamakhilomitha amahlanu ukusuka endaweni yesigameko okubikwa ukuthi waminza khona.
Ngemuva kokulandwa kwesidumbu sakhe, abezimo eziphuthumayo babizwe ngeshwa kwatholakala ukuthi useshonile endaweni yesigameko. Amaphoyisa aphenya izimo ngokufa kwakhe eziholele ekuhlaselweni nabathintekayo.