AMAPHOYISA ESE-VAAL ABOPHE ABASOLWA ABABILI EMUVA KOKUTHOLWA NEMOTO EDUNIWE
EZOMPHAKATHI


Amaphoyisa aseVaal abophe abasolwa ababili (abaneminyaka engu-32 no-34),ngo-Ephreli 7 athola imoto yohlobo lwe-VW Polo okubikwa ukuthi yayidunwe eGauteng.
Baphinde bathola isibhamu.
Ngokusho kukaBrigadier Selvy Mohlala, okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, amaphoyisa e-SAPS alunywe indlebe ngemoto esolisayo ebonwe yizakhamuzi.
Lesi sibhamu sitholakale nemoto yohlobo lwe-VW Polo ebidunwe.
Amaphoyisa alandele imininingwane eyawaholela emzini othile eHaartebeeskuil eVaal lapho athola khona abasolwa ababili neVW Polo enezinombolo zokubhalisa zaseGauteng.
Ophenyweni olwengeziwe amaphoyisa athole ukuthi imoto kubikwa ukuthi idunwe kule nyanga (April 2023) endaweni ebizwa ngeTsakane eGauteng.
Eqhubeka nokusesha amaphoyisa aphinde athola isibhamu kula madoda amabili. Kungalesi sikhathi lapho laba bobabili baboshwa bathweswa icala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe (uma kukhulunywa ngemoto) kanye nelokutholakala nesibhamu.
Amphoyisa athi isibhamu sizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi asikaze yini sisetshenziswe ekwenzeni ubugebengu kwenye indawo, kusho uMohlala.
Okwamanje amaphoyisa awakwazi ukukuhoxisa ukuthi angahle engezelele amanye amacala kubasolwa njengoba uphenyo lusaqhubeka.
Laba bobabili kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseStanderton ngoLwesibili, Ephreli 11 bebhekene nala macala.
UKhomishana wamaPhoyisa eSifundazweni samaphoyisa eMpumalanga, uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela uncome umsebenzi oncomekayo owenziwe wumphakathi ohlinzeka ngolwazi kanye nokusabela ngokushesha kwamalungu e-SAPS okuholele ekutholakaleni kwemoto ebiduniwe nokutholakala kwemoto. isibhamu.