Angeke ivalwe I-Camden Power station ngokwesifiso sika Ngqongqoshe wegesi
EZOMPHAKATHI


Isiteshi sikagesi esiduza ne Ermelo iCamden asikwazi kuvalwa ngoba senze kahle.
UNGQONGQOSHE kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa uthi uzoya ayobikela ikwikhabhinethi nomengameli abatshele ukuthi izwe ngeke likwazi ukuthi iCamden Power Station ivalwe njengoba kwashiwo phambilini ukuthi izovalwa eminyakeni emibili ezayo.
“Ngizibonele mina futhi lesi siteshi sikagesi siwumoya(oxygen) wakuleli futhi sihlinzeka ngo-8000MV ngakho uma sivalwa kuzokhubaza umnotho wakuleli,” usho kanje.
Ngesikhathi ekavakashele lesisiteshi uqale kumhlangano nabaphathi nabasebenzi baseCamden Power Station ngoLwesithathu emini nakuyilapho athole kahle ngalesiphehli mandla.
UNgqongqoshe usohambeni lwesonto lonke lapho ahambela khona iziteshi zikagesi ukuze abone futhi ahlole izinkinga izwe elibhekene nazo ngesizathu zikacim' cim(Loadshedding) .
"U-Eskom uzohlonishwa kuphela uma sesixazulule ukucinywa kogesi phecelezi i-Loadshedding futhi isixazululo sokucishwa kukagesi akusona isenzo sikaNkulunkulu, futhi ngeke kube khona iSangoma esijikijela amathambo silindele isimangaliso kodwa izoxazululwa yilowo nalowo kini enisebenza lapha futhi, into eyodwa eniyenzile kwaCamden Power ukuthi nisize ukulwa impi ngokuthi ngenze kahle, futhi akekho ongacathaniswa nani okwamanje, okwami ukuthi uma ngiyobikela ikhabhinethi, ngizobachazela ngobuningi bamandla atholakala kulesi sikhungo ngakho nenze umsebenzi wami waba lula, ningakhohlwa ukuqhubeka ngokwenza kahle.”
Ephetha. Unxuse abasebenzi ukuthi benze isiqiniseko sokuthi isimo sokutholakala kukagesi siba sezingeni njengoba ezothatha uhambo lokulwela ukuthi isiteshi sikagesi singavalwa.