BALIBAMBILE IQHAZA NABASE MSUKALIGWA KWESOKUVALA IZWE LASE NINGIZIMU AFRIKA OKUHLELWE IQEMBU LE-EFF.

Bebaphume ngobuningi abalandeli baqembu le EFF ukuyoseka uthaqa wezwe lonke lase Ningizimu Africa, ohlelwe yilo iqembu, njengoba bebasuke ezindaweni ezahlukene kulo idolobhakazi lase Ermelo.

EZOMPHAKATHI

3/20/20231 min read

Babodwa abasuke eBoxer, abanye eAcaccia, eThembisa ezitolo, eMpumalanga stadium, eCassim Park badibana edolobheni lase Ermelo baya eMahhovisi ase Eskom. Yize bekungekho muntu eMahhovisi iqhubekile yacula izingoma zomzabalazo ngaphandle kwamahhovisi.

Umholi weDETAWU ungene esitelekeni waphakamisa iphuzu lokuthi uqhekeko oludalwe wubuholi beqembu eliholayo akwamukelekile. Udaba lukagesi luthinta wonke umuntu waseNingizimu Afrika, ngisho nalabo abangeyona ingxenye yesiteleka.

"Sonke sinenkinga ye-loadshedding ngaphambi kokuvalwa kwezwe, ikakhulukazi kusukela ngoMgqibelo kuze kube namuhla ugesi solo awuhambi. Lokhu kusho ukuthi kunomdlalo noma inkulumo-ze edlalwa osopolitiki bethu, kumele manje benze isu lokulwa nale nkulumo-ze."

UMnu Mthunzi Yende ongaphansi kwegatsha laseMsukaligwa ukhulume namalunga e-EFF, wawatshela ukuthi angamalungu eqembu awuthobelayo umthetho. Ngakho-ke, ukuvalwa kweze bekunokuthula, futhi bayazi ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa wathumela i-SANDF ukulwa nesiteleka esinokuthula.

Nokho abesabi, uma impi iqubuka bazobhekana nayo. Ubalule nokuthi

"umengameli wephule umthetho ngokushushumbisa imali yakwamanye amazwe engena ezweni lethu, okusho ukuthi ubukela phansi nomthethosisekelo waseNingizimu Afrika."

Ubalule nokuthi u-Eskom ubabukele phansi kodwa akekho ofikile ukuzobabheka njengoba amahhovisi abo evaliwe, akekho noyedwa ozihluphayo ngokukhuluma nabo.

Uma bekanazo izindlela zokuthutha ama-fighters ukuya eCamden, babezoya esiteshini sikagesi saseCamden ukuze badlulisele umlayezo we-Loadshedding kubo futhi bathi sekwanele.

Ubalule ukuthi akwamukelekile lokhu ngoba amabhizinisi amancane ayavalwa, konakala nokudla.

“Amaphoyisa nawo wonke umuntu ayabona ukuthi i-EFF Ermelo iyona ehamba phambili eMsukaligwa, uCyril Ramaphosa akaseyena umengameli wethu, watshala amasosha azolwa nathi esikhundleni sokuthi awatshale ezindaweni eziningi lapho kunodlame oluphezulu."