BAZOPHINDE BABHEKANE NOBUNZIMA ABANTU NJENGOBA KUMENYEZELWE UKUBUYELA KUSIGABA SESITHUPHA SOKUCISHWA KUKAGESI.

EZOMPHAKATHI

4/25/20231 min read

Ithimba likagesi lakwa Eskom lithi kusukela ngoMhlaka 24 kuEphreli libuyela kusigaba sesithupha sokuhamba kukagesi ngenxa yengcindezi.

Isigaba sesithupha sokuhamba kukagesi sizoqhubeka naphakathi nobusuku ngoLwesibili kuya ngoLwesithathu ngehora lesi-5, emvakwalokho isigaba sesithathu sizoqhubeka.

U-Eskom ubuhlose ukugcina ukuhamba kukagesi kusigaba sesi-3 kanye nesesi-4 kodwa ke ngokwengcindezi kugcine kungabanga impumelelo. Leqembu liqwayisa ngokuthi nohlelo olubekiwe lokuhamba kukagesi lungashintsha futhi kungalindelekanga.

“Uma kuba noshintsho futhi u-Eskom uzosazisa”

Ukuhamba kogesi kuzoba ngalendlela elandekayo:

NgoMsombuluko , ngoMhlaka 24 ku-Ephreli

• Isigaba sesi-3 kuze kube ihora lesi-4

•Isigaba sesi-6 kusuka kwihora lesi-4 kuya kwihora le-12 ebsuku.

NgoLwesibili , ngoMhlaka 25 ku-Ephreli

•Isigaba sesi-6 ,kusuka kwihora le-12 ebsuku kuya kwihora lesi-5 ekseni

•Isigaba sesi-4 , kuqala kwihora lesi-5 kuya kwelesi-4 ntambama

• Isigaba sesi-6 , kusela kwihora-4 ntambama kuya kwele-12 phakathi nobusuku

Lwesithathu , ngoMhlaka 26 ku-Ephreli

•Isigaba sesi-6 kusuka kwihora le-12 phakathi nobsuku ukuya kwelesihlanu ekuseni.

•Isigaba sesi-3 , kusuka kwelesihlanu eksen kuya kwelesine ntambama

•Isigaba sesi-4 , kuthi ku-hora lesine ntambama kuze kube elama-12 phakathi kwalobo busuku.