BEBAVELE ENKANTOLO ABASOLWA ABABILI OKUFAKAPHAKATHI NONGUMSEBENZI WAKWA-ESKOM NGECALA LOKWEBA U-OYELA
EZOMPHAKATHI


Ongumsebenzi wakwa-Eskom kanye nongumshayeli weloli bobaboli bakhe itulo lokuqola lenkampani u-Oyela estashini samandla kagesi iMatla khona laMpumalanga ongabiza isamba esingu R1 Million.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlanda Mathe kutholwe abalisa ababili okungumsebenzi wakwa-Eskom uSphiwe Sibande, oneminyaka engu-36 ubudala, no Loveless Mabaso oneminyaka engu-41 ubudala, osebenzela enkampanini engaphansi kwenkontileka yokuphakela uEskom u-Oyela omkhulu uphethiloli.
Kanti laba bobabili baboshwe ngoLwesithathu emuva kokutholakala ukuthi laba badayisa u-Oyela kumuntu abamaziyo.
Kukholakala ukuthi lenkampani kagesi nayo incike kakhulu kuwona u-Oyela ukuze ikwazi ukukhiqiza.
Laba bebavele eNkantolo yeMantshi yaseKriel izolo ngamacala okweba nokukhwabanisa.