BEKUWU SUKU LOLUBUNGAZA KANYE NOKWAZISA ABANTU BOMPHATHI NGEZINSIZI EZITHOLAKALA ESBHEDLELA SASE-ERMELO.
EZOMPHAKATHI


NgoMhlaka 17kuAgasti, abaphathi kanye nabasebenzela ezempilo, babungaze usuku lapho bazisa khona abantu ngakho konke is ibhodlela saseErmelo esikwenzayo.
Izinsizi zabo zilandelana ngalendlela. Surgery,I-Opthalmology, Izifo Zezingane, Izifo Zokubelethisa, Izifo Zabesifazane Nezinsizakalo Zezempilo Zocansi. Imithi yomndeni enaloluhlelo, casualty/ emergency department(Amahora angu24), Impilo yengqondo. Izinsizakalo zezempilo ezihlangene/zokwesekwa. Impilo yemvelo. Usonhlalakahle wezokwelapha.
Kubese kutholakala izinsiza zakwalaboratory lezi ezilethwa abakwa NHLS kube ama Maintenence services alethwa abakwa public works kanye ne victim empowerment centre.
Dental services, rehabilitation.
Amalunga omphathi asekela, ukuthi konke lukho kuyatholakala kulesi sibhedlela achazile ngamunye ukuthi basizakale kanjan futhi basaqhubeka bathola usizo koDokotela.
Kubonge kakhulu abantu abathole usizo, ikakhulukazi ngengqondo ngoba bayasho ukuthi izimo ziyabathikameka lokho kugcina kwenza ukuthi balimale emakhanda kanti ke nosizo baluthola eduze. Bayakhala ngokuthi ama-Ambulance yiwona angatholakali nhlobo iyodwa vo etholakalayo kanti nayo kugcine ingatholakali noma ingafiki ngesikhathi.
UMnumzane ozobiza ngoGovernment , uthi yena usevele waphendula uNurse ngolunye usuku wasiza usisi athole ingane, ngenxa yeAmbulance engafikanga ngeskhathi, yabizwa ebsuku yafika ngehora lesi6 eksen. Ushilo ukuthi iAmbulance leyo inezinkinga kwayona ifaswe ngezintambo ngaphakathi, uyacela ukuba lokho kulungiswe .
AbakwaMental health board nabo basebenzise lelithuba ukuziveza. Kanti futhi kuyavulwa iUnit yabo.
UExecutive Mayor ubuthe lonke ithimba lakhe ukuzosekela lolu suku. Lokhu kuwukuveza ukuthi bamabane nezinye izibhedlela kanye nemitholampilo.
Abantu abadala abanesifo sikashukela, bathola izithelo njengeziphiwo ezivela kwabezempilo kanti abasebenzi basesibhedlela bawavezile amakhono abo nabo, ngokwenza umdlalo omncane phambi kwezithameli ebeziyinxenye yalolusuku.