EBEVELE ENKANTOLO IZOLO OWESIFAZANE NGEZINSOLO ZOKUSHISA INGANE YAKHE

EZOMPHAKATHI

8/30/20231 min read

Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-28 ngezinsolo zokushisa indodakazi yakhe enezinyanga eziyisikhombisa ishonele emjondolo.

Izinsalela ezishile, ezincane zengane zitholwe emfucumfucwini ngemuva kokucinywa komlilo.

Lesi sigameko esishaqisayo senzeke eVosman ngase Witbank ezintatha ngeSonto.

Umbiko wamaphoyisa ukhomba ukuthi abezimo eziphuthumayo, okuhlanganisa namalungu eSAPS aseVosman, babikelwe ngomjondolo osha eMarikana e-Extension 16.

Ngesikhathi lifika endaweni yesigameko, iqulu labantu litholwe lingagculisekile ngesigameko esishaqisayo somlilo oshise usana olungenacala.

Uphenyo lokuqala lwamaphoyisa luveze ukuthi phambilini, unina wengane nomyeni wakhe babe nengxabano eshubile yagcina isinodlame. Umyeni ube esehamba kule ndawo, kuthiwa kungalesi sikhathi lapho kuthiwa washisa khona umjondolo.

Amaphoyisa athi kukhona nezinsolo zokuthi ubephuzile ngandlela thize ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko; nokho-ke izinsolo zizoba yingxenye yophenyo.

Ngemuva kokuthi amaphoyisa enze uphenyo lwawo, abophe lo wesifazane amthwesa icala lokubulala. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMalahleni izolo.