I-CAMDEN POWER STATION IQHUBE UMKHANKASO WOKUQWASHISA NGOKUPHEPHA EMGWAQENI KULAMAHOLIDE EPHASIKA
EZOMPHAKATHI


Umkhankaso wokuqwashisa ngokuphepha emgwaqeni ngePhasika wethulwa ngokusemthethweni yiCamden power station engaphansi kwa Eskom lapho ibihanjelwe nguMnuz David Nghonzweni oyiPhini likaMqondisi ofundisa ngokuphepha emgwaqeni esifundeni iGert Sibande.
Uveze ukuthi bayawuqala umkhankaso ohlose ukugwema izingozi ngempelasonto yePhasika kuMasipala wesiFunda iGert Sibande, ikakhulukazi kuMasipala waseMsukaligwa emgwaqweni u-N2 osuka e-Ermelo.
UNghonzweni ubonge ukuba khona kwabo bonke ababambiqhaza futhi wabonga kakhulu kubahleli, i-Eskom Camden Power Station, ngokweseka lo mkhankaso.
Ugqugquzele abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela njengoba kuza impelasonto yePhasika ehambisana nesiminyaminya esikhulu namabanga amade. Ngakho-ke, kubalulekile ukunciphisa izingozi zomgwaqo ngalesi sikhathi.
UNksz Lindiwe, oyiMenenja Yezokuphepha e-Camden Power Station, wethule umkhankaso wokukhuthaza ukuphepha kubasebenzi baseCamden kanye namalungu omphakathi njengoba sisondela eholidini lePhasika.
“Sibambisene nezinhlaka ezithintekayo ezifana nesifunda iGert Sibande, uMasipala uMsukaligwa, iVunene Mine, uMnyango wezokuThutha neminye iminyango eminingi. Lona wumzamo oqhubekayo wokufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka endaweni yaseMsukaligwa,” kusho ulindiwe.
Uphinde wafisela wonke umuntu impelasonto ephephile yePhasika wanxusa ukuthi baqaphele abahamba ngezinyawo.
UNksz Lindiwe ukhumbuze abantu ukuthi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esihle, zihloliwe, bathathe ikhefu uma bezizwa bekhathele.