I-POSTBANK LASE NINGIZIMU AFRIKA LETHULA INDLELA ENTSHA EZOKHOKHELA NGAPHANDLE KWAMAKHADI KWABATHOLA ISIBONELELO SIKAHULUMENI SAKWASASSA

EZOMPHAKATHI

4/25/20231 min read

Ibhange lasePostbank lethule indlela entsha yokukhokhela abahlomuli beSouth African Social Security Agency (Sassa) engadingi makhadi aphathekayo.

Ithe lokhu kusho ukuthi abahlomulayo amakhadi abo egolide akwaSassa/Postbank asephelelwe yisikhathi basazokwazi ukuthi imali yabo yesibonelelo

sikahulumeni ikhokhwe ngokuphepha futhi mahhala ezitolo ezibambe iqhaza ezifana noShoprite, Usave, Boxer, Pick n Pay kanye no OK.

Ngokusho kokhulumela iPostbank, uDkt Bongani Diako, abahola izibonelelo amakhadi akwaSassa asephelelwe yisikhathi noma azophelelwa yisikhathi, akusadingeki baye emagatsheni asePosini ukuyolanda amakhadi abo amasha ngoba sebengakwazi ukukhokhelwa isibonelelo sikahulumeni.

Ukusebenzisa le ndlela entsha yokukhokha, abahlomuli bakwa-Sassa badinga ukuletha umazisi wabo kanye ne-PIN yekhadi le-Sassa/Postbank kunoma yimuphi umthengisi obambe iqhaza.