INDLULE NOMPEFUMULO WABANTU ABABILI INGOZI EYENZEKE KU-N17 NGASETRICHARDT SCRAPYARD.

EZOMPHAKATHI

4/12/20231 min read

Ingozi eyenzeke izolo kumgwaqo u N17 ngase Trichardt indlule nempefumulo yababili, abanye abane balimele.

Abezimo eziphuthumayo bebasendaweni yesigameko (April 11) yengozi ebandakanya iveni neVW Polo ku-N17 ngaseTrichardt Scrapyard.

Ingozi yenzeke ngabo-15.00 emini.

Kanti kushone abantu ababili kule ngozi.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 belaphe iziguli base behambisa isiguli esisodwa esilimele kanzima nesiguli esisodwa esinemihuzukwana.

ULangamed ubuye welapha wahambisa iziguli ezimbili.

Umgwaqo ubuvaliwe.

I-GTR/MCR, i-GMM Fire Department, amaphoyisa, abezokulawula izimoto kanye nabakwaNetcare 911 nabo basendaweni yesigameko.