INGOZI EYENZEKE KUMGWAQO U-N17 ONGUTHELA WAYEKA E-TRICHARDT INDLULE IMPILO YOMUNTU.
EZOMPHAKATHI


Kushone okunge nani umuntu oyedwa engozini eyenzeke e-Trichardt ngase Bethal izolo ebusuku.
Abezimo eziphuthumayo bebe sendaweni yesigameko lapho izimoto ezimbili zishayisane khona emgwaqeni onguthelawayeka u-N17 eduze kwase-scrapyard emaphethelweni e-Trichardt ngase-Bethal.
Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-19:00 kusihlwa, ngoJuni 18.
Kushone oyedwa endaweni yesigameko, kwalimala abanye abane.
Izinga lokulimala belingakaziwa njengoba abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 nakwaNetcare 911 bebesasiza iziguli ngesikhathi sokushicilela.
Umzila osuka e-A&E obheke e-scrapyard ubuvaliwe. Amaphoyisa omgwaqo ebekhona endaweni yesigameko kanti abashayeli bezimoto bandluliselwe kwezinye izindlela.