INKAMPANI EPHEHLA UGESI IBAMBISENE NE ZWANE INSPECTION BANIKELE NGOMFANEKISWANO WESKOLO, ESKOLWENI ESIKHONA EDOLOBHENI LASE ERMELO.
EZOMPHAKATHI


U-Eskom uhlehlisa uhambo Iwabo losuku lweNelson Mandela kwathi ngomhlaka 26 July 2023, iSiteshi sikagesi iCamden sivakashele isikole samabanga aphansi i-New Ermelo Primary School (eNyibe).
Bahlonze lesi sikole base benikela ngomfaniswano kubafundi abangu-89 ebiza u-R40 000, ngokubambisana neZwane Inspections.
UMnuz S Zwane wakwa Zwane Inspection undlulise amazwi enkuthazo wathi babambene ngezandla nezinye iziteshi zikagesi ezimbalwa kanti iCamden ingesinye sazo. Minyaka yonke babheka izikole abasebenza nazo babone amafushane ezikole basize lapho bengasiza khona. Lapho umfaniswano wesikole wawungomunye wabo esikoleni saseNew Ermelo.
UNksz S Mthethwa, oyi-Circuit Manager wamukele wonke umuntu futhi ubonge bonke ababambisene ndawonye ekwenzeni lolu hlelo lube impumelelo. Uphinde wakhuthaza abazali ukuthi baqinisekise ukuthi imifaniswano yezingane ihlale ihlanzekile ukuze abaxhasi bakhuthazeke nakakhulu ukuthi banikele nakwe zinye izingane eskolweni.
U-Eskom ubulokhu usiza zombili izikole eziseNew Ermelo kusukela ngo-2018, okuyikhishi elisha nocingo lwe skole. Kunamaphrojekthi amaningi asaqhubeka.
UMnu Dludlu, uthishanhloko wesikole ubonge abaxhasi ababambisene ekwenzeni lolu suku lube impumelelo. Uqhube wakhuthaza abaxhasi ukuthi basize nakakhulu okungukuthi kwakhiwe amanye amagumbi okufundela esikole.
Bangu-89 sebebonke abafundi abanikezwe umfaniswano.