INKAMPANI EPHEHLA UGESI U-ESKOM ITHENGE I-GENERATOR EZOKWAZI UKUVUSELELA ISIKHUNGO SIKAGESI I-MEDUPI.
EZOMPHAKATHI


U-Lester Kiewit owe-702FM ubexoxa noChris Yelland, uMqondisi Ophethe kwa-EE Business Intelligence.
Ngempelasonto uNgqongqoshe kagesi uKgostientso Ramokgopa ubikele i-ANC ngezinhlelo zokunciphisa ukucisha kukagesi
Lolu hlelo luhlanganisa ijeneretha eneminyaka engu-15 ubudala etholakala eNetherlands. Kulindeleke ukuthi ifike ngo-Ephreli 2024 ngethemba lokunciphisa ukucisha kukagesi.
NgeSonto, uNgqongqoshe Wezamandla kagesi uKgosientso Ramokgopa ubikele i-NEC ye-African National Congress (ANC) ngezinhlelo zakhe zokunciphisa nokuqeda ukucisha kukagesi.
URamokgopa uthe babheke ukuphehla ugesi olinganiselwa ku-4500MW ezinyangeni eziyisithupha ezizayo ukuze bavikele abantu baseNingizimu Afrika ebusika obumnyama obubandayo.
URamokgopa ukhulume ngokulungiswa kweziteshi zikagesi iMedupi kanye neKusile, okuhlanganisa nokuthengwa kwe-generator eneminyaka engu-15 ubudala eyake yasetshenziswa eNetherlands.
Ijeneretha ihloselwe ukuhlala iminyaka engaba ngu-50 kuya kwengama-60.
U-Yelland uthi u-Eskom ubengathola ijeneretha ngobudlelwano bamazwe ngamazwe ngokusebenzisa izinhlangano eziningi zezimboni zamandla kagesi.
Kungenzeka ukuthi isidingo sabo sejeneretha entsha akuyona imfihlo futhi mhlawumbe u-Eskom ukhiphe izwi ngokuxhumana nabo kwamanye amazwe.
UChris Yelland, uMqondisi Ophethe – I-EE Business Intelligence.