INKANTOLO YESIFUNDA YASE-VOLKSRUST IGWEBE OBEKADE ENGUMSEBENZI WASE BHANGE NGECALA LOKWEBA
EZOMPHAKATHI


INkantolo yesiFunda yaseVolksrust igwebe uThokozani Goodwill Ndlovu (35) obesebenza ebhange iminyaka engu-10 ngecala ngalinye kwamabili okuntshontsha kanye neminyaka emihlanu ebhadla ejele ngecala lesithathu lokweba.
Ngokwesitatimende sabezindaba esiphuma kuKhomishana wama-SAPS esifundazweni sangoMeyi 3, uNdlovu usebenze kanzima ukuze umqashi wakhe amethembe futhi uthole ukuhlonishwa ngesikhathi ephathiswa umsebenzi wokunakekela ukusebenza kwansuku zonke kwama-ATM aleli bhange.
UNdlovu wazicebisa esikhundleni sokwenza imisebenzi eqotho kumqashi wakhe nakumakhasimende akhe.
Ingaphezu kuka-R500 000 eyaduka ezinsukwini ezintathu ngoNovemba 2018.
Uphenyo lwangaphakathi luhlonze uNdlovu njengomsolwa oqavile. Ibhange libe selivula icala ngokusemthethweni kwaSAPS eVolksrust.
Amaphoyisa aphenya abopha uNdlovu ngoMashi 2019.
Izigwebo zakhe zizophuma kanye kanye. Mayelana nokuboshwa kweminyaka engu-25, kulindeleke ukuthi adonse iminyaka engu-20 ejele.
Inkantolo iphinde yanquma ukuthi impesheni yakhe ithathwe ebhange ukuze kunxeshezelwe ngokulahlekelwa kwakhe.
ULieutenant General Semakaleng Daphney Manamela uxwayise abasebenzi nganoma yiluphi uhlobo lwenkohlakalo.
Uphinde waxwayisa amalungu omphakathi ukuthi agweme ukwenza imali ngokushesha ngoba kungaholela ekutheni aboshwe