IPHOYISA LIDUBULE LABULALA AMALUNGU AMATHATHU OMNDENI KAMAJIKA KHONA LA-MPUMALANGA

EZOMPHAKATHI

5/3/20231 min read

Izisulu ezintathu zidutshulwe ngesikhathi kunomhlangano womndeni emzini wephoyisa, laphuma ngesamagundane laphindela kuwo nesibhamu.

Iphoyisa kusolwa ukuthi labulala unkosikazi walo nabafowabo ababili eKaMajika ngaseHazyview ngeSonto ngo-Ephreli 30.

Ngokusho kwelungu lomndeni elisondelene naye, isigameko senzeke emzini walezi zithandani ngezithuba zabo-08:30, ngesikhathi lezi zelamani zizama ukusiza izithandani. izindaba zabo.

“Iphoyisa alizange lineme ngezinye zezimpendulo labe seliphuma emhlanganweni laya ekamelweni lalo, labuya seliphethe isibhamu.

Wadubula umkakhe namadoda amabili. Kuthiwa bashonele endaweni yesigameko,” kusho ilungu

Udaba ludluliselwe oKlebe besifundazwe ukuze baphenye.

Okhulumela oKlebe eMpumalanga, uCaptain Dineo Sekgotodi, uthe uqoqa imininingwane eyengeziwe ngaphambi kokuthi aphawule.

Lena indaba eqhubekayo.