IPHOYISA LIDUBULE LALIMAZA OKUSOLWA UKUTHI USEBENZA EMAYINI NGOKUNGEMTHETHO EMPUMALANGA.

EZOMPHAKATHI

8/21/20231 min read

Umsolwa oneminyaka engu-45 ubudala usolwa ngokuba umvukuzi ongekho emthethweni udutshuliwe walimala ngesikhathi amaphoyisa azama ukubamba e-Emjindini Trust endaweni yase Barberton , ngaseNelspruit ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uBragadier Selvy Mohlala , uthe umsolwa ukhombe amaphoyisa ngesibhamu wazama ukudonsa isibhamu ngemuva kokuthi emjikijela ekhoneni ngesikhathi emba izimayini ngokungemthetho.

Amalunga e (NIU) National Intervention Unit , ababehlose ukuvimbela nokuphazamisa ukumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni nobunye ubugebengu obuhlobene endaweni , babambe abasolwa benza lezi zenzo kusho uMohlala.

"Laba ababili baphazamiswe ukufika kwala malungu kanti ngesikhathi besondela kubasolwa , omunye wesilisa ukwazile ukubaleka".

NgokukaMohlala , amaphoyisa abezama ukubopha umsolwa ngesikhathi ekhipha isibhamu esiqhumisa.

Amaphoyisa ase edubula futhi elimaza umsolwa.

UMohlala uthe , ube esekhishwa izikhali waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lokwelashwa egadwe amaphoyisa.

Ngesikhathi loluphenyo luqala, amalungu athole ukuthi isibhamu ebesithathiwe bekuyi-airgun.

Umsolwa ubhekene namacala ahlanganisa elokuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni , ukukhomba isibhamu nokumba izimayini ezingekho emthethweni.

UMohlala wengeze ukuthi , amaphoyisa athungatha omunye umsolwa osagcwele amathafa.

"Uphenyo lusaqhubeka , futhi uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate(IPID) nalo luzokwenza uphenyo lwalo mayela nesigameko sokudubula esithinta amaphoyisa".