IQEMBU LENEHAWU KANYE NAMANYE ASEKELAYO EBEHLANGANYELE NGAPHANDLE KUMNYANGO WEZEMIDLALO NAMASIKO BEYOTHULA IZIKHALAZO ZABO
EZOMPHAKATHI


NgoMhlaka 20 kuJulayi iqembu le Nehawu lihlanganyele ngaphandle kwama hhovisi uMnyango weZemidlalo naMasiko edolobheni lase-Ermelo ukuze lilethe ingcwadi yezikhalazo (memorandamu) nezidingo zabo.
OnguNobhala kwiSifunda uPhethi Nkosi.Wethule amalungu abo abekade akhona.
Unobhala we Cosatu udlulise umlayezo wokweseka olandela ngalendlela.
"Silwela izinsizakalo ezisezingeni lawo wonke umuntu , makube nabasebenzi abanele kanti kanye nazo zonke izinsizi abazidingayo, bangawakhohlwa namaphoyisa kulezo zinhlelo , amaphoyisa athola uR30 we danger allowance".
Bayayiseka futhi bayiqhasa ngadlela zonke i Nehawu beyiqembu le Cosatu.
NgoMhlaka 4 Agasti bazobe behleli bekhuluma ngazo zonke izikhalazo zabo ukuthi zizolungiswa kanjani. Bazopha abaholi ama memorandum ezinqumo ezathathwa. Mayelana nendlela yokuthuthukisa isimo sempilo yethu.
Abaphathi bezikhungo kuthiwa ibona abashaya indiva kuloludaba. Ngakho-ke angeke bayiyeke ilale.
Comrate Lindi a member of SACP. Uthe
"THEY WONT SUPPORT CORRUPTION FROM THE OFFICIALS".UBE MFISHANE NGENQA YAMAKHAZA.
Umphathi uMogale kuthiwa akasale akhishwa esikhundleni , njengoba esenezinyanga ezimbili engezi emsebenzini , kuthiwa akangabe asabuya nhlobo.
UFanie Ngwenyama usihlalo weNehawu, ubingelele wonke amanye amaqembu asekayo.
Wase uyaveza zonke izikhalazo abanazo.
Amalunga aleliqembu ayakhala ngokuthi endaweni yaseGert Sibande akekho okhethwayo uma kunemsebenzi ethize emncane ekumele yenziwa uma kuza kwezemidlalo, kunqamelwa ukuthi kuye abantu abasekudeni. Bakuvezile ukuthi bafuna bonke abasebenzi, ngisho nosonhlalakahle baqhashwe nabo bangavalelwa ngaphandle futhi bangagcini lapho baqashwe unomphela kungabi yinto yesikhashana.