ISACP izihambisile izikhalo emaphoyiseni ngezikhalo zekuvalwa kwe steshi samaphoyisa ebusuku endaweni yase Embalenhle
EZOMPHAKATHI


Amalungu eSACP amashele esiteshini samaphoyisa eMbalenhle ukunomikisa incwadi yezikhalazo
ISouth African Communist Party (SACP) imashele esiteshini samaphoyisa eMbalenhle iyohambisa imemorandum ngoMashi 17.
Phakathi kwezikhalo ezibalulwe kulo mqulu kubalwa indaba yokuvalwa kwamasango esiteshini samaphoyisa ebusuku, amacala angaphothulwanga nokubonakala kwamaphoyisa.
UMnuz Jabulani Mthimkhulu, onguNobhala weqembu kuMasipala iGovan Mbeki, usole amaphoyisa aseMbalenhle ngokubeka phambili izitolo zabokufika kunomphakathi.
Uveze ukuthi awukwazi ukuzulazula eMbalenhle ungaliboni iveni lamaphoyisa lime e-tuck shop yangaphandle, noma bethi bamatasatasa ngesikhalo.
“Isiphi isikhalo esidinga ukuthi bavakashele leso sitolo nsuku zonke futhi yini ekhetheke kangaka ngaleso sikhalo esidinga ukunakwa amaphoyisa nsuku zonke?” kubuza uMthimkhulu.
“Kumele simemeze ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa ebusuku ngenxa yesango elikhiyiwe. Ngizomemeza kanjani uma ngijahwa izigebengu?
“Lokho kusho ukuthi ngizofela phambi kwesiteshi samaphoyisa lapho bekumele ngivikelwe khona,” kusho uMthimkhulu.
Badlulisele incwadi kuColonel Bafana Dube, iNhloko yokuVimbela ubugebengu eMbalenhle, othembise ukuthi bazoyixoxa nabaphathi baphendule ezinsukwini eziyisikhombisa njengoba kubaliwe.