ISIBHAMU ESISETSHENZISWE UKUDUBULA NOKUBULALA U-AKA, NOTIBZ SITHOLWE NGAMAPHOYISA ETHEKWINI.

EZOMPHAKATHI

5/16/20231 min read

Isibhamu esasetshenziswa ekudubuleni kabi isihlabani sakuleli uKiernan 'AKA' Forbes sitholwe ngamaphoyisa. Imithombo esondelene nophenyo ikuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka elinganiselwa-20 ubudala, utholwe nesibhamu esingekho emthethweni eMlazi eThekwini ngempelasonto.

Isibhamu sibese sathunyelwa ukuyohlolwa futhi sabuya sacinisekiswa ukuthi yisona esasetshenziswa ukudubula nokubulala uForbes ngobusuku bangomhla ziyi 10 February 2023.

Lo mculi obeminyaka engu-35 ubudala kanye nomngani wakhe ongusaziwayo uTebello Motsoane badutshulwe esigamekweni okusolwa ukuthi sishaywe ngaphandle kwesitolo sokudla i-Wish emgwaqweni odumile waseThekwini uFlorida.

Lena indaba ethuthukayo