ISOKA LIGWETSHWE UDILIKAJELE NEMINYAKA ENGU 20 NGECALA LOKUBULALA INTOMBI NOKUDLWENGULA
EZOMPHAKATHI


INkantolo yeMantshi yase-Ermelo igwebe uTolly Sibusiso Mnisi 37, udilikajele kanye neminyaka engu-20 engeziwe ngecala lokubulala ngenhloso nokudlwengula intombi yakhe uNokuthula Sidu ebeneminyaka engu 34.
Ngomhla zi-3 kuJuly 2021, isisulu savakashela
ummangalelwa emzini waso e-Wesselton kwase kuba nengxabano.
Enkantolo umsolwa uvumile ukuthi washaya isisulu nge-mop kodwa waphika amacala okudlwengula nelokubulala. UMbuso wethule umbiko wokuhlolwa kwesidumbu, oveze ukuthi umufi ushone ngenxa yokulimala ekhanda nesitho sangasese.
IMantshi u-Eben Jonker uthole ubufakazi bofakazi boMbuso buyinqwaba futhi buthembekile yathola ummangalelwa enamacala amabili. Umsolwa wabe esegwetshwa udilikajele kanye neminyaka engu-20 eyengeziwe ngokudlwengula