IZAKHAMIZI KUMASPALA WASETHEMBISILE HANI ZITHI SEKUPHELE IMINYAKA EMITHATHU ZINGAWATHOLI AMANZI.
EZOMPHAKATHI


Imizi yaseZakheni Village ngaKwaMhlanga eMpumalanga ithi sekuphele cishe iminyaka emihlanu ingenawo amanzi angashintshi.
Izakhamizi zithi sezikhathele wukukha amanzi ngamabhakede emiphakathini engomakhelwane noma ukuthenga amanzi okuphuza.
UMasipala waseThembisile Hani uyayivuma le nkinga futhi usuwahlukanisela amanzi nokuthumela amathangi kwezinye izindawo.
Eminye imizi yaseZakheni Village ngaKwaMhlanga eMpumalanga ithi sekuphele iminyaka emithathu ingenawo amanzi angashintshi.
Abanye bachitha amakhulu amarandi bethenga amanzi kanti uMasipala waseThembisile Hani ulwela ukuthola isixazululo saphakade.
IZakheni Village yasungulwa ngo-2004 futhi inabantu abangu-22,140 ngokusho kokhulumela umasipala uSimphiwe Mashiyane.
UMashiyane uvumile ukuthi kube nokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi ezindaweni eziphakeme okubalwa kuzo iZakheni. Uthe le nkinga yaba nkulu ngesikhathi izimvula ezinamandla ngoZibandlela (December) nyakenye zikhukhula ipayipi lamanzi amaningi eliphakela umphakathi amanzi.
Umasipala uthi uthumela amathangi amanzi kwezinye izindawo njengesixazululo sesikhashana, kodwa ezinye izakhamizi zithi amanzi awahanjiswa ngendlela.
UVusi Skhosana uthe yena nezinye izakhamizi ezikwaziyo ukuwathenga bathenga amanzi okuphuza kubadayisi ababiza imali efika ku-R300 ukugcwalisa ithange elingu-5 000 wamalitha.
Imizi eminingi emphakathini impofu futhi ayinawo amathange amakhulu noma izitsha zokugcina amanzi.
“Leli thangi alanele emndenini wami njengoba liphela ngaphambi kokuphela kwenyanga. La manzi siwasebenzisela ukuphuza, ukupheka nokugeza izingubo,” kusho uSkhosana.
Uthe kusukela ngo-2018 sebenamanzi ampompi kabili ngesonto, bese kuba amahora amabili kuya kwamathathu kuphela ngesikhathi.
USkhosana unendawo yokugeza izimoto nozakwabo uWilliam Masilela. Kumele bawashe izimoto zamakhasimende ngamanzi abawaqoqa ngamabhakede emfuleni oqhele ngamamitha angu-700. UMasilela utshele iGroundUp ukuthi baningi abantu ababuye bayokha amanzi emfuleni abazowasebenzisa ukuchelela izingadi nokwakha izindlu.
UMasilela uveze ukuthi eminye imiphakathi efana nePhola Park, eqhele ngamamitha angu-500 ukusuka eZakheni, inamanzi.
Esinye isakhamuzi, uThabiso Mahlangu, uthe iloli lamanzi likamasipala liyafika eZakheni, kodwa awenele wonke umuntu. Abantu bajwayele ukukha amanzi okuphuza kubantu basePhola Park, esho. “Angisebenzi futhi angikwazi ukusebenzisa u-R300 ngamanzi njalo ngenyanga.”