IZIDUMBU ZABABILI OKUKHOLAKALA UKUTHI NGABAVUKUZI ABANGEKHO EMTHETHWENI ZITHOLWE EMAYINI KHONA LADOLOBHENI LASEERMELO
EZOMPHAKATHI


Kutholwe izidumbu zabesilisa ababili okusolakala ukuthi bebengabavukuzi abangekho emthethweni (Zama Zama) ngomhla 19 May 2023 ku mayini i Golfview Mine, eqhele ngamakhilomitha ambalwa kudolobha lase Ermelo.
Abosizo lokuqala namaphoyisa basendaweni yesigameko. Imbangela yokushona kwalaba ayikacaci, kodwa oyedwa onemihuzuko ebusweni.
Imininingwane egcwele izolandela. Uphenyo lusaqhubeka.