KUBALULEKILE UKUNAKEKELWA KWENQONDO IKAKHULUKAZI KUBAFUNDI
EZOMPHAKATHI


Abafundi kuyadingeka ukuthi bafundiswe ngezinto ezingabalimaza engqondweni, ngoba bangabantu nabo yingakho iskole iSizwakele Secondary school sihlele umcimbi eSasol club yase Embalenhle khona edolobheni kazi lase Secunda, obohanjelwe izicukuthwane nezicukuthwane ezivela ezinhlangweni ezihlukene ukuze ebaluleke abafundi nokubafundisa ngezimo abangahlangabezana nazo empilweni.
Uthishanhloko waseSizwakale Secondary School, esizinze Embalenhle, eSecunda, uMnuz Moemisi, uthe imfundo abayifundisa kulesi sikole ayinazo izinto ezihlanganisa imicimbi ethinta impilo yengqondo. Ngakho-ke bakhethe ukuvulela abantu bezinhlaka ezahlukene ithuba lokuthi beze bezofundisa abafundi nokubagqugquzela ukuthi babe ngabaholi bakusasa. Lesi sikole sesibonile ukuthi imfundo ayikho ekilasini kuphela kodwa ibandakanya nomphakathi nezinhlaka ezifana nalezi abazibamemile esikoleni. Bameme izikhulumi ukuthi zabelane ngolwazi lwabo, futhi njengesikole, bafundise ngezifundo ezingekho kukharikhulamu, kodwa uhlobo olunjalo lokuhlomisa luzobenza babe nolwazi oluningi.
Isikole sivumela ukuthi sithole ulwazi olungekho kuhlelo lwezifundo, ngoba abafuni ukuvimbela izingane ukuthi zithole ulwazi oluphethelene amanye amathalente abanawo. Abafuni ukulimaza izingane ekufundeni ngokwenqondo nokuthi zivaleleke. Ubalule ukuthi ezinye izikole kumele zamukele imigomo yokuvula amasango azo.
Ubese wagqugquzela othishanhloko nezinye izikole ukuthi baxhumane nongoti abangazinze esikoleni ukuze bacobelelane ngolwazi abanalo ngoba njengezikole bakha abaholi bakusasa.
UNokuthula Xaba wenhlangano iMy Brothers Keeper uqale ngokuvumela izingane ukuthi zicule iculo lokholo, wabe eseqala ngokubalula ukuthi sonke siphuma ezimweniezicishe zifane, okuyinto engenzi mehluko omkhulu phakathi kwabafundi nawowonke umuntu. Kukithi ukuthi siphushe siphume ezimweni esibhekana nazo.
Lo mcimbi ubuhlonishwe wukuba khona kowayeyiNxusa lika-Mr Mpumalanga, uXolani Khumalo, ongumsakazi, intatheli, nomodelayo. Ekhuluma ubalule ukuthi akahlukile ezinganeni umehluko nje izinto aphumelelo kuzo kodwa nabo abafundi bangafika ezingeni lakhe ingqe nje bazosebenzel ukuzithola. Wabelana ngokuthi ukhulele edolobheni elincane lase-Amersfoort futhi wathuthela e-Ermelo ukuze alandele amaphupho akhe.
Ubalule ukuthi ungase ucabange ukuthi abantu abalisekeli ithalente lakho, uthole ukuthi akubona bonke abantu abazokuqonda lokhu osuke ukwenza noma lokhu okuyiphupho lakho. Ngakho-ke, ungadikibali ngabo, yazi nje ukuthi kunabantu abanentshisekelo ezinsizeni zakho.
UGift Mkhonza, osanda kuwina uMiss Loft, naye uveze udaba lwakhe ngendlela abhekane ngayo nakho konke okungahle kumphazamise. Ubalule ukuthi uyisitabane esiziqhenyayo esithanda ukumodela futhi ungumuntu oqavile. Ukhulume ngendlela enze ngayo umzamo ukuze aqinisekise ukuthi uba ngohamba phambili kulokho akwenzayo. Ugqugquzele abafundi ukuthi baphile impilo yabo ngaso sonke isikhathi ngoba uma bengakwenzi lokho kuzoba nomthelela empilweni yabo yengqondo.
Ukhulumile ongowase Secunda ngendlela aziphatha ngayo, nokuthi uphumelele kanjani ethekwini ngenkathi emodela khona, uthi kuba yindlela oziphatha ngayo, ukuzihlonipha nokunaka izifundo zakho ngasosonke isikhathi, uthe kumele nabo abantwana balwele ukuqeda isikole ngoba izinto eziningi ziyadinga ukuthi ube nomatikuletsheni. Lawo bekungamazi Ka Cynthia Mahlangu osebenzisana abahleli bomcimbi we-Mr and Miss high school eGert Sibande asho ukuthi uyafisa ukubona abanye kulezingane bangenile kulomqhudelwano ozobe ongomhla zizimbili izinsuku kuMandulo
Umfundisi uKgothatso Molubi wabelane ngomlayezo onamandla kakhulu. Uthe impukane ayifi lapho izalelwe khona, Uzoyithola ezindaweni eziphakeme njengasemahhotela. Ugqugquzele abafundi ukuthi bakhethe indlela ezobaphumelelisa.
Wenze izibonelo zokuthi iDubai yaqalwa kanjani nokuthi abantu abahlela ukushintsha ugwadule lube indawo enhle kakhulu emhlabeni. Ugqugquzele izingane ukuthi zamukele isisho esithi akukho okungenzeki emhlabeni wazo.
UZamazwide Nxumalo kanye noPenelope Maswanganyi abasuku ku-Gbem abangabagqugquzeli be-Girls and Boys Education Movement, bebeyizikhulumi ezimenyiwe. UZamazwide ukhulume ngokukhulelwa kwentsha - ukuthi ukukhulelwa kwentsha kuyithinta ehlobana kanjani nempilo yengqondo (Mental health). Ukhulume ngobunzima bengqondo obuhambisana nokukhulelwa njengoba eke waba yisisulu sokungabi kahle ezimweni ezicishe zifane nese - Mental health.
Wayefuna bafunde ukukhuluma lapho benovalo futhi behlaselwa wuvalo. Imizwa yabo iyiqiniso, futhi kufanele bacele usizo ukuze baqiniseke ukuthi bazolunga. Uyazazi izindaba zokuba nomuzwa wokuzibulala kanye nokudangala futhi ufuna sifunde ukuthi kundlulwa kanjani kulesimo
Ubukhona kukaMfundisi Mahlangu, naye owabalula ukuthi kunezikole zamabanga aphansi eziyishumi nambili-12 neziyisithupha-6 zamabanga aphezulu eSecunda, Lokhu kuyinkomba ecacile yokuthi kwesinye isikhathi nizoqala ndawonye ningaqedi ndawonye.
Kusikisela ukuthi abanye bazowa endleleni, kodwa ngenxa yokuthi ulahlekelwe okuthile akusho ukuthi nawe kufanele uzilahlekele. Uveze ukuthi ngo-2025 uzobuzwa ukuthi usuqoqeni empilweni. Imiyalezo eya kubafundi yayihloselwe ukunika izingane amandla ukuze zibe izinguqulo ezingcono zazo.
USimphiwe Buthelezi ofunda uGrade 9 eSizwakale uthe ufunde lukhulu ezinhlelweni ebezikhona ngolwebili. Uthi ugoduka nomyalezo kaMfundisi uMahlangu mayelana wokutngezwa izinto ngontanga, futhi ufuna ukuba usomabhizinisi uma eqeda isikole.
UGugu Hlongwane kumanje ufunda ibanga 8. Uthe ufunde kabanzi ngokushintsha abangani abangamubambelela ekukhuleni kwakhe. Uthando lwakhe lokusiza abantu luyamgqugquzela ukuthi ngelinye ilanga abe umhlengikazi.
Omunye umfundi kaGrade 9, uDineo Radebe, uthe ukuze uzuze okuthile kumele usebenze kanzima. Lawo ngamazwi akhuthazayo awathathe emcimbini wangalosibili. Uthi ukubekezela kwakhe nokunakekela abantu yizona zizathu ezimukhomba ukuthi kumele afundele ukuba ngudokotela njengoba kungumsebenzi angathanda ukuwenza uma eseqede ibanga leshumi nambili.