KUBE NOKUQHUMA KWESIBHAMU EMZINI WEMEYA KAMASIPALA WASE-LEKWA LOCAL MUNICIPALITY

EZOMPHAKATHI

5/18/20231 min read

Amaphoyisa aseMpumalanga akuqinisekisile ukuthi kube nesigameko sokudubula emzini wemeya kamasipala wase Lekwa Local Municipality uLouis Thabethe mhla zingu 17 May 2023.

Okhulumela amaphoyisa uDonald Mdhluli uthi okwamanje abanayo imininingwane eminingi futhi mayelana nalesigameko bekungakavulwa icala kubo.

Imeya ithi ayizange ilimale ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kodwa imoto yakhe isele nemigodi yezinhlamvu ngemuva kwesigameko sokuqhuma kwesbhamu emagcekeni akhe.

Imbangela yalesi sigameko ayikaziwa.