KUBHEKWE UNGQONGQOSHE WAMABHIZINISI KAHULUMENI NGODABA LUKAGESI EMKHAKHENI ETHATHWA NJENGEBALULEKILE KULELI.
EZOMPHAKATHI


Amehlo azothi njo kuNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni ,uMnu Pravin Gordhan , ukuthi alandele umyalelo wenkantolo , enqume ukuthi izikhungo ezithile zingacishelwa ugesi.
INkantolo eNkulu eGauteng , inqume ukuthi izikhungo zezempilo , iziteshi zamaphoyisa nezikole kufanele zikhishwe ngaphansi kohlelo lokucinywa kukagesi.
Izinhlangano ezingu-19 zafaka i-Eskom enkantolo zikhala ngokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Inkantolo inike uNgqongqoshe uGordhan izinsuku ezingu-60 , ukuthi agcine umyalelo wenkantolo.
I-IFP ebiyingxenye yamaqembu abeye enkantolo ithi iyasemukela isinqumo senkantolo futhi izolubheka ngeso lokhozi udaba ukuze iqinisekisise ukuthi kuyenzeka.
I-ActionSA ebibambe iqhaza ecaleni ithi , kuwukunqoba lokhu okwenzekile ngoba ibikhala ngodaba lokucishwa kukagesi. Ingxenye yesibili yodaba lukagesi isazolalelwa enkantolo ngoSepthemba.
Izwe lisabhekene nenkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Ukubheda kwezinto e-Eskom kuholela ekushiyeni kobe yosikhulu esiphezulu uMnuz Andre du Ruyter. Eqeda ukwesula wenza izinsolo ezibucayi ekhomba osopolitiki , ethi batapa imali kule nkampani.
Uhulumeni uqoke uNgqongqoshe uDkt Kgosientso Ramakgopa , ukuba abhekane ngqo , nenkanankana kagesi ezweni. Ukucishwa kukagesi kwenyuka kuze kufike esigabeni sesithupha.