KUBOSHWE ABANGU-19 NGOKUBA KULELI NGOKUNGEMTHETHO
EZOMPHAKATHI


INHLOKO yoKlebe esiFundazweni, u-Major General Nico Gerber ishayele ihlombe umsebenzi omuhle owenziwe ithimba lezinhlaka ezahlukene laseMpumalanga ngoMsombuluko, zingama-27 kuNhlolanja wezi-2023 eKaMagugu kulandela ulwazi olumayelana nabokufika ngokungemthetho ababegcinwe endlini ephephile, abasuka emazweni angaphandle beza eNingizimu Afrika ngaphandle kokufaneleka.
Ithimba elihlanganisa ithimba loKlebe elizinze eNelspruit iSerious Organised Crime Investigation, Crime Intelligence Nelspruit, Provincial Detective, Nelspruit Visible Policing kanye neLocal Criminal Record Centre, balandele imininingwane ebaholele endlini eKaMagugu. Lapho lifika ekhelini, isango lalikhiyiwe futhi ithimba likwazile ukungena kule ndawo. Bathole abesilisa abangu-19 begcwele endlini enamagumbi amathathu engenayo ifenisha. Uphenyo lokuqala lwathola ukuthi kubafiki abangu-19, abangu-14 babengabase-Bangladesh futhi abahlanu babengabasePakistan.
Amaphoyisa athole amaphasipoti angu-18, omakhalekhukhwini abangu-27, amashaja kanye nezintambo ezihlanganiswe ndawonye futhi zagcinwa ngumphathi. Abasolwa ababengakwazi ukukhuluma ngesiNgisi babenamaphasipoti ayengenasigxivizo ngaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika, futhi babenezinsuku ezihlukile ezinye zazo ezabhalwa kusengaphambili. Abasolwa abangu-19 abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-40 baboshwa futhi babekwa icala lokwephula uMthetho Wokufika. Umphathi wakhokhiswa ngokugcina abokufika ngokungemthetho.
UMnyango Wezasekhaya wabizwa futhi kwacelwa usizo lukatolika ukuthi luveze izizathu zokuthi abokufika bangene ezweni ngaphandle kwemibhalo efanele. Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNelspruit ngoLwesithathu, mhla lu-1 kuNdasa wezi-2023. INhloko yesiFundazwe, uMajor General Gerber ifunge ukuthi ithimba lizoqhubeka nokulwa nobugebengu ngosizo lwamalungu omphakathi alokhu ehlinzeka ngolwazi olubalulekile.