KUBOSHWE ABASHAYELI ABANE NGEMUVA KOKUZAMA UKWEBA UDIZILI EMAYINI EMPUMALANGA

EZOMPHAKATHI

4/24/20231 min read

abokufika base-Zimbabwe kanye nabathathu bakuleli laseNingizimu Africa, abaphakathi kweminyaka engamashumi amathathu namashumi amathathu nesithupha(30-36) ubudala, baboshwe eMoabsvelden Mine eDelmas kulandela ukwehluleka kwemizamo yokweba idizili.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Mohlala uthe abantu abane baboshwe ngoMgqibelo ngezikhathi zabo-8 ebusuku.

"Ngokolwazi, izimoto ezine ezithwala amalambu zingene emayini zathola indawo yokucasha phakathi kwezimpahla. Ethola imininingwane, umsizi wemenenja kasonkontileka, umphathi weVanggatfotein Mine kanye nophiko olubhekelela izimoto baqonde endaweni yesigameko," kusho uMohlala.

Ngesikhathi befika kutholwe izimoto ezine ezifana nezasezimayini, imigqomo yazo eguquliwe yaba amathangi, zitholwe ngaphakathi emagcekeni ale mayini.

"Izimoto ezine-okufaka phakathi ama i-Isuzu amabili amhlophe, eyodwa iFord Ranger emhlophe kanye neToyota Hilux emhlophe. Zonke zifakwe izinombolo zemoto zaseGauteng," kusho uMohlala.

"Ukwehluleka kwabasolwa kunikeza isizathu esizwakalayo sokungena kwabo emagcekeni asemayini okuholele ekutheni baboshwe ngecala lokuzama ukweba udizili.

"Zonke izimoto zishaqwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Kanti uMnyango wezaseKhaya uzophinde uphenye ukuthi zisemthethweni yini zalaba bokufika baseZimbabwe eNingizimu Afrika” kusho uMohlala.