KUBOSHWE ABASOLWA ABAHLANU EMUVA KOKUTHI BATHOLAKALE NEKHEBULI LETHUSI (-COPPER CABLE)

EZOMPHAKATHI

5/15/20231 min read

Amaphoyisa(SAPS) aseVolksrust abeqhuba umkhankaso wokusesha ikanye nesivimba mgwaqo ngoLwesishanu ngomhlaka 12 May 2023 abophe abasolwa abahlanu.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuvela kwakamuva kwamacala okugqekezwa kwezingqalasizinda ezibalulekile kanye namacala okuntshontshwa kwemfuyo abikiwe.

Bekugxilwe kakhulu ekumiseni kuseshwe emgwaqeni u-R23 okuwumgwaqo omkhulu ohlanganisa izifundazwe ezintathu i-KZN, iMpumalanga kanye neGauteng.

NokutheNgolwesihlanu ekuseni ngabo-07:30 amaphoyisa amisa imoto emhlophe yohlobo lweToyota Quantum ebeyihamba ku-R23 ngasepulazini laseSandspruit ilibangise eGauteng. Ibinabagibeli abahlanu okubalwa nomshayeli. Umshayeli ube esezenza ogula kakhulu ngaleso sikhathi.

Amaphoyisa aseshe iQuantum athola ikhebula lethusi (Copper Cable)elinesisindo esingaba ngu-120kg esikalini esibiza R32 000. Kuthe uma kubhekwa ebhuthini leQuantum kutholwe izinsimbi ezimbili zokusika amabhawodi kanye nesaha ebhuthini. Bonke abasolwa baboshiwe bathweswa icala lokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe.

Abasolwa nguNtokozo Dlamini uneminyaka engu 32 ubudala waKwa Thema, Castigo Louis Ngovene (54) waseMozambique, Lucas Chifeche (45) waseMozambique, Frans Motuke (29) owaseMozambique kanye no Raymond Banze(35) owaseMozambique.Abathathu kulaba abavela eMozambique bakuleli ngokungekho emthethweni bazophinde bathweswe nalelo cala.

Ngaphezu kwalokho uchwepheshe wakwaTransnet eNewcastle ufike wahlonza izintambo zethusi ukuthi zebiwe endaweni yaseDanhauser .

Bobahlanu abasolwa bazovela enkantolo yaseVolksrust ngoMsombuluko ngomhlaka 15 May 2023.