KUBOSHWE ABASOLWA ABATHATHU E-MPUMALANGA EMUVA KOKUTHOLAKALA NOJANTSHI WESITIMELA.
EZOMPHAKATHI


Abasolwa abathathu, abaneminyaka ephakathi kuka-41 no-51 ubudala, baboshwe khona la sfundazweni sase Mpumalanga ngoSepthemba 19, 2023, ngokutholakala nojantshi besitimela abantshontshiwe abangabiza u-R3 million.
Lokhu kweba kwenzeke e-Barberton, Ehlanzeni District, ngenyanga edlule. Ukuboshwa kwenzeke ngemizamo yoPhiko Olulwisana Namaqembu Ezigelekeqe esifundazweni saseMpumalanga, amalungu e-Middleburg Highway Patrol, kanye nomphakathi.
Abasolwa, okuhlanganisa abadabuka eMozambique abangenazo izincwadi ezisemthethweni zokuba kuleli kanye noyedwa ongowokuzalwa eZimbabwe, bazobhekana namacala okutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanye nokwephula umthetho wabokufika. Kuhlelelwe ukuthi bavele enkantolo ngoSepthemba 21, 2023.
Izimpahla ezebiwe neloli yilaba basolwa kuthathwe zona ukuze kuqhutshekwe nophenyo.