KUBOSHWE ABASOLWA NGOKUKHWABANISA E-STANDERTON

EZOMPHAKATHI

7/21/20231 min read

Abasolwa abayisikhombisa abaneminyaka ephakathi kuka 37 ukuya 43 ubudala, baboshwe eStanderton ngamaphoyisa endawo ngamacala okukhwabanisa.

Lokhu kuboshwa kwalaba kwenzeke NgoLwesine ngomhla zingamashumi amabili 20 kuJulayi, 2023 ngezithuba zahora lokuqala emini 13:00, ngemuva kwemizamo yokukhwabanisa ibhange imali elinganiselwa ku-R200,000.

Kulaba basolwa kufaka phakathi owesifazane owavakashela isikhungo sezimali khona eStanderton ngalo lolo suku eyofaka isicelo sokubolekwa imali ebhange esebenzisa amaphepha omgunyathi okubalwa nesitatimende sasebhange naso esingelona iqiniso.

Uphenyo luveze ukuthi umsolwa wesifazane ubesebenzisana nabanye abayithupha ngenkathi efaka isicelo sokubolekwa imali. Ukuze isicelo salowesifazane sethembeke omunye wabasolwa waqamba amanga wathi uyisisebenzi senkampani ethile ngesikhathi izikhulu zebhange ziqinisekisa imininingwane yakhe.

Baqale ukusola ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo, nokwabaphoqa ukuba bathinte amaphoyisa aseStanderton.

Amaphoyisa afike ebhange enza uphenyo, kwaze kwaboshwa abasolwa abayisikhombisa. Abasolwa baqale bazama ukubaleka kodwa babanjwa yiziphathimandla. Ngenkathi beboshwa amaphoyisa ashaqe abayisishiyagalolunye, kanye nezikhwama zemali ezinhlanu, izimoto ezimbili, nomazisi kanye nezingcwadi zokushayela ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Laba basolwa bazobhekana namacala okukhwabanisa futhi kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseStanderton ngoMsombuluko wangomhla zingamashumi amabili nane 24 kuJulayi 2023