KUBOSHWE AMADODA AMATHATHU ETONGA NENSANGU ENGAPHEZU KUKA-50KG

EZOMPHAKATHI

4/24/20231 min read

Kuboshwe abantu abathathu baseBotswana ngesikhathi amaphoyisa aseTonga ebethola nensangu engu-55kg ngoLwesine ebusuku, ngomhlaka 20 April 2023.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uBrigadier Mohlala, amaphoyisa aseTonga SAPS abematasa ngomsebenzi wokuqapha ngesikhathi ebona imoto emhlophe yohlobo IweToyota Grande enezinombolo zaseBotswana eBlock C ngaseTonga.

Uthe bamise imoto ebinabesilisa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-33 no-46 ubudala, basesha imoto.

UMohlala uthe amaphoyisa abelizwa iphunga lensangu, kodwa awazange ayithole.

Imoto yayiswa esiteshini samaphoyisa ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanti kutholwe imiqulu yensangu engaphezu kuka-408 enesisindo esingu-55kg efihlwe ezicabheni.