KUBOSHWE INDODA EYABALEKELA AMAPHOYISA IZINYANGA EZIYISITHUPHA NGEMUVA KOKUBA KUTHOLAKALE ISIDUMBU SOWESIFAZANE ESIBOLILE OPHAHLENI

EZOMPHAKATHI

4/18/20231 min read

Amaphoyisa aseMpumalanga abophe uThabo Silas Tsotetsi ona 40, ngemuva kwezinyanga eziyisithupha kutholwe isidumbu sowesifazane ebese siqala ukonakala ekamelweni abehlala kulo nomama wengane yakhe.

Inyanga ngaphambi kokutholwa kwesidumbu, ingane kamama kaTsotetsi yahlala naye, futhi wayelokhu ekhala ngephunga elibi endlini, kodwa uTsotetsi wagcizelela ukuthi kwakungamagundane afile ophahleni.

Okhulumela amaphovisa aseMpumalanga, uBrigadier Mohlala, uthe ngesikhathi kutholwa isidumbu, besisesimeni esibi kakhulu kanti bekungakacaci ukuthi singobulili bani.

"Icala litholakale ngemuva kokuthi ingane kamama kamsolwa izohlala nomsolwa esikhathini esingangenyanga ngaphambili," kusho uMohlala.

Ngo October 4 2022, umama wengane kaTsotetsi wanquma ukubika lolu daba emaphoyiseni "njengoba wayengakhululekile". Amaphoyisa afika endlini ezophenya.

"Ekuphenyweni kahle kulo muzi, amaphoyisa athole isidumbu somuntu. Kuphinde kwatholakala ukuthi uTsotetsi wanyamalala kusasele izinsuku ezintathu kutholwe, njengoba abikela uMama wengane yakhe ukuthi uzokhokha angabe esabuya," kusho uMohlala.

Amaphovisa aqinise uphenyo Iwawo, okuholele ekuboshweni kukaTsotetsi ngoLwesihlanu eWitbank.

UTsotetsi uvele kafushane enkantolo eNkantolo yeMantshi yaseBalfour ngoMsombuluko. Ugcinwe esitokisini icala lahlehliselwa uMay 17 , 2023 ukuze kuqhutshekwe nophenyo