KUBOSHWE ONGUSOMABHIZINISI WASEMPUMALANGA NGAMACALA OKUKHWABANISA NENKOHLAKALO
EZOMPHAKATHI


Usomabhizinisi wase-Mpumalanga uboshwe ngecala lokukhwabanisa amalayisensi ezimoto abiza uR89 million.
UMorris Shabalala ungumnikazi wamabhasi kanye nama semi-trailer abhaliswe ngaphansi kweMavuso Family Trust, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMbombela ngoLwesibili ngamacala okukhwabanisa, ukweba nokushushumbisa imali.
Ngokusho kokhulumela I Road Traffic Management Corporation (RTMC), uSimon Zwane, uthe ukuboshwa kukaShabalala kuhlobene nokuboshwa kwabanye abangu-17 okukhona kubo osomabhizinisi ababili, kanye nabahlanu ababengabasebenzi boMnyango wezokuPhepha koMphakathi, ukuPhepha nokuXhumana eMpumalanga nezikhulu zezincwadi zokushayela ezinze eMbombela, Mkhondo, Mashishing, KwaMhlushwa naseDelmas.
Kanti kusolwa ukuthi laba basebenzi boMnyango wezokuPhepha koMphakathi, bebasebenza kanye nezikhulu ekukhipheni amalayisensi.
Kanti loluhlelo lwenziwa phakathi konyaka u-2018 no 2019 futhi ludle uhulumeni imali engango R60 million elahlekile yamalayisensi ezimoto ezingakhokhiwe kanye nezijeziso.
Uphenyo luveze ukuthi buningi ubugebengu okuqhubekayo.
Kuthiwa kunemali eningi eyafakwa ebhange lomunye wabasolwa ngokuba yizikhulu.
UShabalala udedelwe ngebheyili ka-R15 000 kanti abanye abasolw kulindeleke ukuba bavele eNkantolo Yamacala Ezohwebo eMbombela ngomhlaka-30 ku Agasti 2023