KUBOSHWE OWESILISA OTHOLAKALE NAMA COPPER CABLES E-BALFOUR
EZOMPHAKATHI


Owesilisa oneminyaka engu36 ubudala uboshwe ngamalungu e-SAPS e-Balfour ngemuva kokuthi umngani wakhe emshiye eyedwa ngesikhathi ebaleka ngaphambi kokuba abanjwe amaphoyisa.
Lomlisa uvalelwe ekhoneni e-Balfour izolo, ngoMsombuluko ngomhlaka 13 March 2023. Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa ashaqe amakhebula ethusi enani lezinkulungwane zamarandi.
NgoMsombuluko,ngomhlaka 13 March 2023 emini bebade, amalungu e-SAPS ase-Balfour athole imininingwane ophikweni lwezobunhloli emaphoyiseni esifundazweni mayelana nabesilisa ababili okusolakala ukuthi babanjwe nezintambo zethusi okusolakala ukuthi zebiwe.
Ulwazi abalutholile lulandelwe ngokushesha amalungu amaphoyisa.
Akuphelanga sikhathi esingakanani kwabonakala abantu ababili abasolisayo emgwaqeni Emabhunwini eBalfour.
Amaphoyisa abese asondela kulabalisa, kubikwa ukuthi laba balisa ababili babe sebona ukuthi basenkingeni balahla phansi izikhwama zabo baqala ukugijima babaleka kodwa oyedwa wabo bambamba omunye wabaleka wangatholakala.
Ngesikhathi amaphoyisa esesha athole ukuthi lezi zikhwama zinezintambo zethusi ezilinganiselwa ku-R50 000.
Umsolwa wabe eseboshwa ngecala lokutholakala nezintambo zethusi okusolakala ukuthi zebiwe.
Amaphoyisa asamcinga lo obalekile futhi anethemba lokuthi naye uzoboshwa.
Kucelwa amalungu omphakathi angabamba iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi lokhu kufezwa ngokwazisa amaphoyisa ngokuvele ashayele inombolo yeCrime Stop ethi 08600 10111 noma ngokuthumela imininingwane nge-MYSAPSAPP. Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa njengoluyimfihlo futhi abafonayo bangakhetha ukuzigcina bengaziwa.
Umsolwa oboshiwe kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseBalfour namuhla, ngoLwesibili ngomhlaka 14 March 2023 ebhekene nala macala.