KUBOSHWE OWESILISA OYEDWA NGEMVAKOKUBA ATHOLAKALE NEZIMPONDO ZIKABHEJANE E MKHONDO.
EZOMPHAKATHI


Amaphoyisa aseMkhondo namhlanje ekuseni abophe owesilisa oneminyaka engu27 ubudala otholakale ephethe izimpondo zikabhejane.
Abephephandaba (Ezomphakathi Newspaper) baxoxisane nokhulumela amaphoyisa aseMkhondo Constable B.P Sibiya uthe amaphoyisa aseMkhondo alunywe indlebe ngemoto emhlophe ngokwebala, ewuhlobo lwe Nissan Qashqai, enezinombolo zase Gauteng (GP) ephethe izimpondo zikabhejane kanye nesibhamu sokuzingela, lemoto ibihamba emgwaqeni u R543 -Wakkerstroom ibheke e Piet Retief.
Oyilunga lwe SAPS endaweni yase Mkhondo uSgt Mncwango onguShift Commander, Cst M. Nkosi, Cst Mbuyisa, Cst Mbatha, Cst Mavuso kanye no Cst Ngema banikele khona nangempela bayithola imoto ihamba owesilisa bayiphenya.
Lowesilisa utholakale nezimpondo zobhejane eziMbili zifakwe ngaphakathi kwebhonethi yemoto zigoqwe ngoplastiki abamnyama kanti isibhamu asikatholakali ngemvakokuseshwa amaphoyisa.
amaphoyisa embuza ukuthi uzithathephi uthe wazithola esiqhiwini sas’ Olundi.
Umsolwa uboshiwe amaphoyisa aseMkhondo, Imoto ebehamba ngayo kubikwa ukuthi ayintshontshwanga Izimpondo zikabhejane zinesisindo esingu-10,121kg