KUBOSHWE OWESILISA WASEMPUMALANGA NGEZINSOLO ZOKUDLWENGULA INGANE
EZOMPHAKATHI


Amaphoyisa aseMpumalanga abophe owesilisa ona 40, ngezinsolo zokuheha ingane eneminyaka engu-12 ukuthi ingene emzini wayo wayidwengula.
Lesi sigameko senzeke eLeslie.
Okhulumela amaphoyisa Colonel Donald Mdhluli uthe intombazane ibidlala emgwaqweni ngezithuba zabo-13:30 ngoMgqibelo ngesikhathi umsolwa eyiyengela endlini yakhe.
"Kubikwa ukuthi kungaleso sikhathi lapho umsolwa kuthiwa wasizakala ngale ntombazane wayidlwengula, ngemuva kwesigameko isisulu sagoduka sayolandisa ugogo waso ngokwenzeka kuye” kusho uMdhluli.
Isigameko sabikwa emaphoyiseni aseLeslie kanti umsolwa waboshwa. UMdhluli uthe icala lizophenywa wuphiko olubhekele udlame
Iwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi.