KUBOSHWE OYEDWA NGEMUVA KOKUGETSHENGWA KWE-ATM E-STANDERTON
EZOMPHAKATHI


Iphoyisa leKasselman Security Services (KSS), libambisene namaphoyisa aseStanderton, libambe umsolwa (34) ngo-Ephreli 2, etholwe nesamba semali kuye.
Lokhu kulandela ukugetshengwa kwe-ATM eCapitec enxanxatheleni yezitolo eStanderton.
Ngokwesitatimende sikaBrigadier Selvy Mohlala, okhulumela amapjoyisa aseMpumalanga, umsolwa utholwe nesamba esingaphezu kuka-R100 000 esandleni sakhe, kanye nesibhamu.
Imibiko iveza ukuthi iqulu labasolwa abalinganiselwa kwabahlanu kuthiwa baye kwi-ATM behamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo ensomi.
Ngokwesitatimende kusolakala ukuthi bathole ukufinyelela lapho bekukhona imali kanti kuthiwa bathathe isamba semali esingadalulwanga ku-ATM.
Kucushwe i-alamu eyazisa inkampani yonogada, yona yazisa i-Standerton SAPS.
Abasolwa abane bakwazile ukubaleka, kodwa oyedwa wavalwa ekhoneni ngemuva kokuthi abomthetho besebenzisana nezinsiza zabo.
Ubekwe icala lokugqekeza kanjalo nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseStanderton maduze.
Abaphathi be-SAPS bakwamukele ukuboshwa kanye nokutholwa kwemali