KUBUKEKA SENGATHI KUZOBA NOKUNYUKA KWENANI LIKAPETILOLI KANYE NOKWEHLA KWENANI LIKADIZILI

EZOMPHAKATHI

4/24/20231 min read

Kubonakala engathi kuleviki elizayo ngoLwesithathu , inani likaDizili lizokwehla kanti ke uPetiloli uzonyuka.

Uma kubhekwa inani lelandi kanye nelikaOyili, okuwuqwaningo oluvela kwi Central Energy Fund, kutholakala ukuthi inani likaDisili lingehla ngo26c kuya ku51c ilitha, kuzoya ngokuhlukana kwamabanga, i-unleaded 95 petrol ingakhushulwa la ko60c.

Ukukhuphuka kwamafutha kubhekeke kwinani likaOyela kanye ne randi kwi-exchange rate.

ngeNyanga edlule, irandi belishintsha ngendlela bingalindelwe lehle laya kuR18,53 emavikini amabili adlule, imali isibuyele kuR18,10 okuwukuthi iyona eqinile ukwedlula iNyanga edlule.

Inani lamafutha likhuphuke kakhulu lisuka ku78 kuya ku 81 wamadolla.

Umkhandlu wePetroleum Exporting Countries, usanda kuthula uhlelo olusha lokuthi kuzobakhona ukunqanyulwa okanye kokunikezwa okungaphezulu kanti ukubopha kabusha komnotho yezwe iShayina nalo leseka inani likaPetiloli.

Uma kuqala uEphreli, inani likaDizili lanqanyulwa ngo73c nengaphezulu ilitha , ngoLwesithathu kanti uPetiloli wanyuka ngo2c.

Inani lika litha we 95 unleaded libiza uR22.97 eGoli kuqhathaniswa no R21.60 woNyaka odlule. Kanti ngoJulayi kuNyaka odlule yayibiza uR26.74.

Ilitha likaDizili libiza uR20.89 okwamanje, kanti kuNovemba ngoNyaka odlule ibibiza uR25.50.