KUBULAWE IPHOYISA LASEMPUMALANGA NGEMUVA KOKUPHENDULA NGOKWEBIWA KUKADIZILI EMAYINI
EZOMPHAKATHI


AMAPHOYISA aseMpumalanga asenxuse umphakathi ukuthi uthungathe ababulali bephoyisa elidutshulwe labulawa ngesikhathi liphenya ngokwebiwa kukadizili emayini eduzane no-N4.
Elinye iphoyisa lilimale kanzima kulokhu kuhlasela.
Inhloko yoKlebe eMpumalanga u-Maj-General Nicholas Gerber ukugxekile ukuhlaselwa kwamaphoyisa wanxusa umphakathi okungenzeka ukuthi uzibonele lesi sigameko noma ongaba nolwazi ukuba uphumele obala, wengeza ngokuthi imininingwane abayitholile bazobhekana nayo ngokuyimfihlo.
Uveze ukuthi ekuwusuku oludabukisayo lapho amaphoyisa edutshulwa ebulawa ngokwenza umsebenzi wawo.
Okhulumela amaphoyisa uCapt Dineo Lucy Sekgotodi uthe ilungu lophiko lwezobunhloli eMiddelburg lilunye indlebe ezintatha zangoMsombuluko ngokwebiwa kukadizili emayini eduzane no-N4.
USekgotodi uthe leli lungu lithinte uzakwabo ophikweni lwabaseshi eMiddelburg, bahamba ngemoto emgwaqeni waseStoffburg njengokuyalelwa wumthombo.
Emgwaqeni bahlangane ne-bowser ephuzi edizili ehambisana nencazelo base bejika beyimisa. Kusolakala ukuthi amadoda amathathu ehle elolini adubula ebhekise emaphoyiseni.
Iphoyisa elilodwa lidutshulwe kwathi ngokuhamba kwesikhathi lashona emanxebeni alo, elinye lalimala kanzima laphuthunyiswa esibhedlela eMiddelburg.
Uthe kutholwe izibhamu ezintathu ezinezinhlamvu ezingu-25 namaselula amahlanu endaweni yesigameko.
Ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabenzi bobubi angathintana namaphoyisa ophenyo uCol Nkoana ku-071 481 3503 noma uCapt Maboko ku-071 481 3098.